Description
The passage discusses the importance of being humble and not forgetting where one comes from, even when they achieve success. It also mentions the idea of unity and not being divided by material possessions. The author encourages everyone to stay grounded and not forget their roots, including family and community.
Umuntu ulunga afane nosana lapho izinto zingakamlugeli kepha kuthi zingamlungela, ngenxa yokuthi usebone imisebe yelanga, anagazi noma kuzothi lapho lithi liyaphuma lifiphazwe ngamafu athwele isichotho, uyaqala ukubakhohlwa laba akade ekhosele phansi kwamaphiko abo ngenkathi umhlaba usembethe emnyama. Kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi phakathi kwamabili unqamula noyedwa kumbe ababili esijwini sehlanze elinemiphandu yezingonyama kepha kuthi lapho indonsa seyiqala ukudonsa ukusa ubona sewuphahlwe abazothi lapho sewukhubeka uwa, bakuhashe ngezakwavaka. Uma ngikwazi lokhu, ngingazikhohlwa kanjani izinsizwa nezintokazi zoSIBA, umndeni nezihlobo, abangani kanye nomphakathi nje obenegalelo lokungikuthaza. Ngithi kini nonke nikhule nikhokhobe!